Isiqale phansi kwezokuxhumana eyamahlebezi ngokubulawa kukaSenzo Meyiwa

2018-02-05 13:59

Durban - Asephinde abheduka futhi amahlebezi mayelana nokuthi ngubani kahle kahle owabulala unozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana uSenzo Meyiwa, nokuthi kwenzakalani ngosuku abulawa ngalo.

Inkulumompikiswano iyaqhubeka ezinkundleni zokuxhumana njengoba bebaningi abantu abathi kumele lihlale obala "iqiniso" ngale ndaba. Bathi sekwanele manje, sekuyisikhathi sokuthi ababekhona "basibeke esithombeni".

Lolu daba luvuswe yimibhalo yomuntu ozibiza ngo-@AdvBarryRoux kuTwitter. Ulandise wathi indaba yasuswa yizidakamizwa, lwaholela ekutheni kuphume isidumbu.

UBarry uthi yiningi inkohlakalo eqhubekayo mayelana nophenyo lokubulawa kukaSenzo, futhi baningi abantu abazama ukugqiba lolu daba.

Nansi eminye imibhalo kaBarry:

Ubaba kaSenzo, uSam Meyiwa, ulokhu emile kwelokuthi labo ababekhona kwenzeka isigameko yibo abazi iqiniso elipheleleyo ngokubulawa kwendodana yakhe.

Wake wakhuluma waze wathi unesiqiniseko sokuthi amaphoyisa ayafumbathiswa yingakho engababophi abantu abathintekayo kulolu daba.

Lolu daba lulokhu luqhubeke njalo nokuba sohlwini lwezindaba ezihamba phambili enkundleni yezokuxhumana uTwitter njengoba abaningi bethi amaphoyisa kumele alusukumele, aqale phansi uphenyo.

Ngempelasonto uNgqongqoshe wezamaPhoyisa uFikile Mbalula uthe amaphoyisa ngeke aphumule kuze kube bayaboshwa ababulali baSenzo.

UMeyiwa wadutshulwa ekubo kantombi yakhe uKelly Khumalo, eVosloorus, e-East Rand ngo-Okthoba 2014.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.