Isiqalile inkonzo yesikhumbuzo yalowo owayengumdlali webhola lombhoxo

2017-02-10 14:00

Durban - Isiqalile inkonzo yesikhumbuzo salowo owayengumdlali webhola lombhoxo uJoost van der Westhuizen enkundleni yezemidlalo iLoftus Versfeld, ePitoli.

Le nkakha ishone ngoMsombuluko ineminyaka engu-45 ubudala ngemuva kokunqotshwa yisifo ebesiyihlasele, i-motor neuron disease.

Ngonyaka ka-2007 uVan der Westhuizen wahlonishwa ngokufakwa ohlwini lwezinkakha zebhola lombhoxo emhlabeni wonke jikelele.

UGavin Varejes Oyi-CEO ye-SARLA useveze ukuthi abe-Aspen Pharmacare bazovula iwadi elizobizwa ngeJoost van der Westhuizen Motor Neuron Disease esibhedlela iChris Hani Baragwanath ngoLwesihlanu

Yize inkonzo yakhe yesikhumbuzo ibanjelwe enkundleni, kodwa lokho akubavimbanga abalandeli bakhe kwezinye izindawo ukuba nabo bakhumbule lesi sihlabani sabo.

UMfowabo uPeter uthe bawumndeni ozithobile, yize umfowabo wababeka ezingeni elikhulu ngokuba wumdlali odumile ezweni lonke kodwa, ubengazikhukhumezi ebantwini.

UPeter washiya phansi konke ayekwenza wanakekela umfowabo iminyaka emibili njengoba wayexinwe wukugula.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.