Isiqongqwane siphebeza amahlebezi okushiya iSundowns

2016-08-18 08:00

Johannesburg – Isikhwishikhishi somdlali weMamelodi Sundowns, uKeagan Dolly, usenqabile ukuphawula ngamahlebezi athi uyahamba eChloorkop.

Lo mdlali umile kwelokuthi yena uzilungiselela ukuqala kwesizini entsha ye-PSL, kubika iKickOff.com.

UDolly, odlale ibhola eliyingcwenga emele iNingizimu Afrika kuma-Olympic eBrazil, sekunemibiko ethi angase aye eFrance.

OLUNYE UDABA: UMosimane uyangabaza ukudedela uDolly

Kubikwa ukuthi uhlabe umxhwele iRennes, edlalelwa ngumgadli wakuleli uKermit Erasmus.

Nokho uDolly uthi lawa ngamampunge.

“Ngeke ngikwazi ukuphawula ngenzwabethi. Engikwaziyo ukuthi ngingumdlali weDowns futhi ngizilungiselela isizini entsha ye-PSL.”

Ibhola likaDolly lachaza abathandi bebhola abaningi, baze babhala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi kumele asayine namaqembu abawalandelayo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.