Isishoshovu sensangu sithi asingabazi ukuthi inkantolo izobavuna

2017-11-08 12:32

Johannesburg - Ummeli ophinde abe yisishoshovu sokusetshenziswa komthunzi wezinkukhu uGarreth Prince unokuzethemba ekutheni iNkantolo yoMthethosisekelo izohamba phezu kwesinqumo seNkantolo eNkulu yaseWestern Cape.

Inkantolo yesibili yanquma ukuba kube semthethweni ukusebenzisa insangu ngasese.

UMbuso ubabele kule nkantolo enkulu ezweni ngoba ungahambisani nesinqumo esakhishwa yinkantolo yaseWestern Cape.

OwoMbuso uThomas Bokaba ngoLwesibili uzwakalise ukuthi isinqumo seNkantolo eNkulu yaseWestern Cape aSizange Siwubheke umthelela ongemuhle ongadalwa ukusetshenziswa kwensangu emphakathini.

OLUNYE UDABA: Insangu isingasetshenziswa emakhaya – isinqumo senkantolo

Nokho, umholi weDagga Party uJeremy Acton uthe lesi sinqumo sishaya khona ngokwamalungelo akhe njengomuntu omdala osebenzisa lesi sitshalo.

UPrince uthi akanakungabaza ukuthi inkantolo izovuna labo ababhema insangu.

“Sigcwele ukuzethemba ngokuthi iNkantolo yoMthethosisekelo izoshayelela isipikili esinqumweni esenziwa yiNkantolo eNkulu yaseWestern Cape, nokuthi labo abaphikisana nalokhu baphambana noMthethosisekelo."

INkantolo yoMthethosisekelo isigodlile isinqumo, yathi izosikhipha kungekudala.

NgoMashi nonyaka, inkantolo yenza ingqophamlando yesinqumo, nalapho yanquma khona ukuthi ukuvinjelwa kwabantu abadala ukuba basebenzise insangu emakhaya abo kuwukunyathelwa kwamalungelo abantu futhi akukho emthethweni.

Ngesikhathi le nkantolo yenza lesi sinqumo, yavuma ukuthi abantu bangatholakala begcine insangu, ukuyitshala kanye nokuyisebenzisa emakhaya abo.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.