Isitabane sinqwaha nesidumbu, sithi yiso umakoti

2016-07-21 11:32

Johannesburg - Kuvele amahlazo embangweni wesidumbu sekutholakala ukuthi umufi ubeshade nenye indoda kanti washiya ingoduso yesifazane kwelakubo, kubika iphephandaba ILANGA.

UThabiso Ngubane,30, waseGoli – obesehlala efulethini eThekwini ‘nomakoti wakhe’ uZotha Ngubane,24, kuthiwa ushone ngoMgqibelo odlule.

Kuxabene ubendle phakathi kukaZotha nabakubo kaThabiso kubangwa isidumbu.

UZotha kuthiwa ushaya phansi ngonyawo, uthi ngeke basinuke isidumbu ngenxa yokuthi bangamaxoki, bebemfihlela ukuthi umufi unengoduso engumama wengane yakhe eneminyaka engu-8 ubudala.

ILANGA lithi uThabiso ushone evakashele ingoduso yakhe eGoli, eshiye uZotha eThekwini abeseshade naye izinyanga ezingu-6.

Funda nalolu daba: Uyaveva othi amaphoyisa abulale izinkukhu zakhe

Kuthiwa umufi ushone isigubhukane njengoba exinwe ukugula ngemuva kokudla isidlo sakusihlwa wabesephuthunyiswa esibhedlela nokuyilapho eshonele khona.

UZotha kuthiwa ufike wazothatha isidumbu sikamufi wasihambisa emakhazeni aseThekwini engabonisananga nomndeni.

Umndeni uthi isifiso sawo ukuthi umufi angcwatshelwe ekhaya ngenxa yokuthi ubengenawo umuzi eThekwini.

Iphephandaba limfice egoyile uZotha emzini oseMatendeni eNtuzuma, enyakatho yeTheku nokuyilapho ezivumele yena ukuthi isidumbu wasithatha kanti futhi sizofihlwa ngendlela ethandwa nguyena.

Ingoduso ithi beyazi ukuthi isoka layo liyisitabane kodwa yilona ebelingafuni bahlukane, lithi libathanda bobabili kanti nayo ingoduso ibinethembva lokuthi ngelinye ilanga lizoshintsha futhi isoka layo bashade.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.