'Isiteleka samatekisi singase sikhinyabeze izivivvinyo zikaMatric'

2017-11-07 10:59

Johannesburg - UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng, uPanyaza Lesufi, ucele abazali ukuba baqikelele ukuthi izingane zabo ziphephile ngoLwesithathu njengoba kulindeleke ukuba kube nesiteleka samatekisi.

AbeNational Taxi Alliance bazobe bemashela e-Union Buildings ngoLwesibili ekuseni besuka edepho endala yakwaPutco eMarabastad beyodlula ngasemahhovisi oMnyango wezokuThutha kuStruben nakuBosman Street.

Kulindeleke ukuba kuphazamiseke yonke into enkabeni yedolobha ePitoli, kodwa uMnyango wezeMfundo ukhathazekile ngezokuthutha abafundi abazobe bebhala izivivinyo zikamatikuletsheni ngalolu suku.

OLUNYE UDABA:Sihambisana nodlame isiteleka samatekisi eThekwini

"Kuyishwa ukuthi kuhlelwe amamashi esikhathini esibucayi kanje, lapho abafundi ezikoleni bebhala khona izivivinyo, empeleni izinhlelo ezifana nalezi zidala izinxushunxushu ezweni.

"Bonke abafundi bakamatikuletsheni kufanele engabe bamatasa ngamalungiselelo okubhala kunokugxila ezintweni ezizobaphindisela emuva," usho njalo esitatimendeni ngoLwesibili.

Uthe abafundi bamamatikuletsheni angeke bajeziswe uma befika sekuqalile ukubhalwa izivivinyo ngenxa yokuthi kunesiteleka.

"Bonke abahloli bazosiza bonke abafundi bakaGrade 12 abangase bafike sekuqalile ukubhalwa kwezivivnyo ngokubanikeza ithuba lokuba babhale."

Abanye abafundi bakwamanye amakilasi nabo bazoluthola usizo.

"Sicela abazali ukuba bahlelele izingane zabo izinto zokuhamba, ikakhulukazi abafundi abenza uGrade 12," kusho uLesufi.

 - eNCA

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.