Isiteshi sikamabonakude sisabisa ngokuvala ibhola lezinyawo kulandela udlame

2018-03-13 18:01

Tunis - Isiteshi sikamabonakude somphakathi iWataniya sisabise ngokumisa ukusakazwa kwemidlalo yebhola likanobhutshuzwayo ngemuva kokuthi kulimale izintatheli zaso ezimbili ngesikhathi kuqubuka udlame ngempelasonto.

Abalandeli bekilabhu i-Etoile Sahel bahlasele indawo okusebenzela kuyo iWataniya ngeSonto - okuyisona kuphela isiteshi esinelungelo lokusakaza imidlalo yeTunisian Championship.

Abalandeli abebewotha ubomvu bajikijele ngamatshe nangezinye izinto kwalimala izintatheli ezimbili ngemuva kokuthi iSahel ishaywe ngo-1-0 yiClub Africain.

Lolu dlame luqutshulwe yiphenathi ephikisiwe ngesiwombe sesibili, kusho okhulumela iWataniya u-Elyes Jarraya etshela i-AFP.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe abalandeli bebhola ngenxa yokungaziphathi kahle enkundleni

IWataniya isigxekile lesi sigameko yakhala nangomkhuba okhona "wokuhlaselwa kwabasebenzi bayo kanjalo nezinsizakusebenza", yanxusa ukuthi kuqiniswe ezokuphepha kuphinde kuvikelwe nezintatheli.

Ithe uma kungenjalo, izophoqeleka ukuthi iyeke ukucoshela imidlalo.

Inyunyana yezintatheli eTunisia nayo isigxekile lesi sehlakalo yanxusa iTunisian Football Federation ukuba ithathe izinyathelo ezifanele "ukuqinisekisa ukuphepha kwezintatheli".

Kujwayelekile ukubonakala kwezigameko zodlame uma kunemidlalo yebhola lezinyawo eTunisia, ikakhulukazi uma kugadulisana amakilabhu amakhulu ezweni.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.