Isithenjwa seChiefs singeniswe esibhedlela ngenxa yokuxinwa yisifuba

2017-08-24 09:32

Cape Town – Unozinti weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, kubikwa ukuthi ungeniswe esibhedlela ngenxa yenkinga yesifuba nokuyikhona okwenze wangadlala emdlalweni we-Absa Premiership neSuperSport United ngoLwesithathu.

Lo mdlali weBafana Bafana oneminyaka engu-30 ubudala kubikwa ukuthi akazange adlale emdlalweni wangaphambilini wamaGlamour Boys ngenxa yenkinga efanayo yokugula, nalapho kubukeka sengathi lokhu kugula kuye kwamqinisa njengoba egcine engeniswe esibhedlela.

OLUNYE UDABA: Baxter umemezele isikwati seBafana esizodlala kowokuhlungela eyomhlaba

Kubukeka sengathi manje uKhune angase angadlali emdlalweni weBafana uma ngabe isibhekene neCape Verde emidlalweni emibili ebalulekile ezayo yokuhlungela umqhudelwano we-2018 Soccer World Cup ngoSepthemba, nokusho ukuthi umqeqeshi, uStuart Baxter, kungenzeka kudingeke ukuthi athole unozinti ozovala isikhala sakhe.

Khonamanjalo, lowo obenguzakwabo kwiChiefs, uGeorge Lebese, ufisele lo mdlali ongowokuzalwa eVentersdorp okuhle njengoba eqhubeka nokululama.

Lo mdlali ubhale ku-Instagram wathi, “Iba ngcono ngokushesha, bhuti wami.”

Ngaphezu kwalokho, unozinti we-Orlando Pirates, uJackson Mabokgwane, naye wengeze ngokuthi, “Iba ngcono ngokushesha mngani wami”.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.