Isithenjwa selule inkontileka neChiefs

2017-02-01 13:02

Cape Town - IKaizer Chiefs isiqinisekise ukululwa kwenkontileka ya-Eric 'Tower' Mathoho njengoba lesi sitobha sesizibophezele ukuhlala eNaturena kuze kube unyaka ka-2020.

UMathoho, 26, ubelokhu eqinise udonga lwaMakhosi njengoba esechithe iminyaka emihlanu ekuMakhosi.

Inkontileka kaMathoho bekulindeleke ukuba iphele ngoJuni kulo nyaka, kodwa imenenja yeChiefs, uBobby Motaung, umemezele ngalokhu kululwa kwenkontileka njengoba leli qembu beliphothula izinhlelo zalo kwazise kade kuvaleka newindi lokuthengwa kanye nokudayiswa kwabadlali ku-PSL.

OLUNYE UDABA: IChiefs izodedela abagadli ababili

“Siyajabula ukuthi uTower usesayine isivumelwano esisha nathi,” kusho uMotaung ku-website yaleli qembu.

UTower usayine ukulula inkontileka yakhe ngeminyaka emithathu ekuChiefs phezu kwale nkontileka abe vele enayo.

Udonga lweChiefs lukhombise ukuqina esigabeni sokuqala sezizini njengoba leli qembu laseSoweto lingelinye lalawo asangenelwe amagoli amancane.

UMathoho usedlale imidlalo emine nezikaSteve Komphela kusizini ya-2016/17.

Ngaphezu kwalokho, iChiefs iphinde yaqinisekisa ukusayina umgadli waseVenezuela, uGustavo Paez, nosayine inkontileka yeminyaka emibili ngemuva kokwenza inhlolokhono ebe yimpumelelo.

EzikaKomphela zilandela emuva ngephuzu elilodwa kuSuperSport United kanti zizodlala umdlalo wazo wokuqala neFree State Stars ngoLwesibili, ngoFebhuwari mhlaka-7.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.