Isithenjwa sifake isicelo sokukhululwa kwiDowns

2017-06-02 07:01

Durban – Umdlali weMamelodi Sundowns ongaconsi phansi kubalandeli bale kilabhu usefake isicelo sokukhululwa njengoba efunwa ngamakilabhu ase-Europe.

ILANGA lithole ngemithombo yalo engaphakathi kwiSundowns ukuthi uPercy Tau ongumgadli wale kilabhu ucele ukuba iDowns ingami endleleni yakhe njengoba kunamakilabhu amfunayo phesheya kwezilwandle.

Kuthiwa ufunwa ngamakilabhu ase-Italy, eSoain naseFrance. Omunye umdlali weSundowns okuthiwa ufunwa uthuli ngamakilabhu ase-Europe nguKhama Billiat.

OLUNYE UDABA: Amaqembu ase-Europe agaqele isiqongqwane seDowns

Umthombo wethu oncikene kakhulu nokwenzeka kwiSundowns uthe: “UTau usesifakile isicelo kwiDowns ukuba ingami endleleni yakhe, imdedele ngoba ufuna ukuyodlala e-Europe. Ngesikhathi iDowns idlala iFifa Club World Cup bekunezinhloli ebezinomubuka okuthe angadlala kahle zaqala zamlandela. Njengoba isizini isivaliwe nje bamfuna phansi phezulu.”

Leli phephandaba lishayela uThulani “TT” Thuswa wezokuxhumana kwiDowns ngalolu daba uvumile ukuthi kunamakilabhu abahluphayo ngoTau kodwa wangafuna ukunaba kakhulu.

“Ikhona into enjalo kodwa okwamanje kangifuni ukukhuluma ngayo ngoba kuzosuke kuphazamiseke izinto ezithile,” esho.

Thola udaba oluphelele kwi-LANGA.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.