Isitholakele indawo okuthiwa yiwona mnyombo wesifo iListeria eGoli

2018-01-20 13:00

eGoli -  Umasipala wedolobha laseGoli usuthola indawo edayisa ukudla ekuyiwona mnyombo wesifo iListeria.

Lokhu kuvezwe yilungu lekomidi lalo masipala uDkt Mpho Phalatse ngoLwesihlanu.

UPhalatse, oyingxenye yeyunithi yezempilo kanye nokuthuthukiswa komphakathi kulo masipala uthe abahlaziyi bezempilo kuleli doloba bathole lokhu ekuqaleni kosuku ngoLwesihlanu.

OLUNYE UDABA:Labo abakhombisa izimpawu zeListeriosis kumele baphuthume emtholampilo - Motsoaledi

Uthi kuthathwe amasampula ahanjiswa kwabeNational Institute of Communicable Diseases nokuyilapho okuqinisekiswe khona ukuthi yisona lesi sifo okwangempela.

Lo dokotela unxuse izakhamuzi ukuba zingathuki kakhulu kodwa ziqaphele futhi zilandele imigomo yokulungisa ukudla ngendlela ephephile.

OLUNYE UDABA:Bangu-36 abantu ababulawe wukubheduka kwesifo iListeriosis kuleli

UNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Aaron Motsoaledi usenxuse labo abakhombisa izimpawu zesifo iListeriosis ukuba bafune usizo lwezempilo ngokushesha kulandela ukubheduka kwalesi sifo eNingizmu Afrika.

Esithangamini sabezindaba ePitoli ngoLwesibili, uMotsoaledi umemezele ukuthi kunobhedukane weListeriosis - okuyisifo esitholakala emhlabathini, emanzini nasezitshalweni.

Ungqongqoshe unanele ngokuthi labo asebenalesi sifo bakhombisa izimpawu zomkhuhlane, okubalwa uhudo, imfiva, ubuhlungu bamalunga omzimba kanye nokuba buthaka.

Uthe lesi sifo singadala ne-meningitis, okuyi-infection yobuchopho ne-septicaemia okuyi-infection yegazi, kanti kokubili lokhu kuyabulala.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.