ISITHOMBE: ‘Amabhulukwe abambanayo ayingozi kwezokuphepha ezikoleni’

2017-08-28 19:30

Johannesburg – Amabhulukwe abambanayo (skinny pants) angase abe yingozi kwezokuphepha ezikoleni, uNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng, uPanyaza Lesufi, utshele iHuffPostSA ngoMsombuluko.

Lokhu kuphawula kwakhe kuze njengoba abafundi ababebhikisha esikoleni iHoerskool Pretoria West beye baduba amakilasi, befuna ukuvunyelwa ukuthi bagqoke ama-skinny pants ngoLwesihlanu.

“Ngale kweqiniso lokuthi amabhulukwe abambanayo azothikameza ukuziqoqa, ukulawuleka kanye nokuziphatha ezikoleni, ngikhathazekile ngoba noma ngabe ubani angangena futhi aphume esikoleni, angeke uze ukwazi ukuhlukanisa ukuthi yiziphi izingane zesikole,” uLesufi usho kanjalo.

Bonke abafundi baseHoerskool Pretoria West bangenele umbhikisho ngoLwesihlanu ntambama, ngaphandle kwabafundi bakamatikuletsheni abalungiselela izivivinyo zabo, ngokusho kukaBrian Zyster, onguSihlalo wesigungu sokuphathwa kwesikole.

OLUNYE UDABA: Usenkingeni uthisha obhaxabule abafundi

UZyster uthi kungase kwenzeke ukuthi kukhona okushaya amanzi ngalo mbhikisho. “Umbhikisho wangoLwesihlanu waqalwa abafundi abawuhlupho,” usho kanje. “Ukukhathazeka kwami ukuthi obhongoza ngabafundi abamiswa emasontweni amabili adlule, kanti obhongoza sebesebenzisa le nto ukuphazimisa ukufunda.

“Kodwa yonke into isibuyele esimweni namhlanje,” uZyster usho kanjalo. “Oyedwa noma ababili bazamile ukungena esikoleni namhlanje begqoke amabhulukwe abambanayo, kodwa sibathumele ekhaya ngokushesha.”

Ngokuchaza kukaZyster, umbhikisho wangoLwesihlanu waqala ngokuqondiswa izigwegwe kwabafundi ababili, “ababengalawuleki nhlobo”.

Kuthiwa laba bafundi bavele bangenela umbhikisho ngemuva kokuthi babizwa maqede batshelwa ukuthi angeke baze bavunyelwe ukuthi bagqoke ngalolu hlobo. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.