ISITHOMBE: Amaphoyisa acela ukufuniswa indoda esolwa ngokudlwengula izingane eThekwini

2018-03-24 14:10

Durban - Amaphoyisa aseBrighton Beach ngaphansi kophiko lweFamily Violence, Child Protection and Sexual Offences acela ukufuniswa uSibongiseni Richard Ngcobo, 40, osolwa ngokudlwengula izingane ezine.

"Lezi zingane asolwa ngokuzinukubeza ngokocansi ziphakathi kweminyaka eyisikhombisa neyishumi ubudala," kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane.

Kusolakala ukuthi lezi zigameko wazigila emijondolo yaseMathinini, eCato Manor, phakathi kukaJulayi no-Okthoba 2016.

"Izingane zabikela abazali ngalezi zigameko, kanti yilapho-ke uSibongiseni abaleka khona," esho.

Kuthiwa zonke lezi zingane asolwa ngokuzidlwengula ngezomakhelwane bakhe.

"USibongiseni ubebiza izisulu ngenhloso yokuzithuma esitolo, zithi uma sezibuya azivalele endlini yakhe azidlwengule," kuchaza uZwane.

Umsolwa kuthiwa ulingene ngomzimba, ungu-1.7m ubude kanti unamadevu nentshebe encane.

"Ukhonjwa eClare Estate la okuthiwa ubhace khona. Kunxuswa ongaba nolwazi ukuba ashayele uWarrant Officer Paton ku-083 560 0586 noma ku-031 203 7336/4/2."

ISTHOMBE: 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.