ISITHOMBE: Amaphoyisa acela ukufuniswa lo 'shayasibhamu'

2018-01-10 14:00

eThekwini - Ithimba elikhethekile eliphenya ngamacala okubulala KwaZulu-Natal licela ukufuniwa uBongani Mbhele, 34.

Lo mlisa ufunelwa icala lokuzama ukubulala elenzeka ehostela laseGlebelands ngo-2016. Kusolakala ukuthi uMbhele wadubula walimaza owesilisa, 32, ku-Block 52 eyokha amanzi okugeza.

Lokhu kwenzeka ngomhlaka-30 Septhemba ngo-05:30 ekuseni.

UMbhele kuthiwa wadlula eduze kwalo mlisa wase eyamdubula amahlandla ambalwa, walimala kabi ebusweni.

Lo mlisa wamubona uMbhele ngoba naye wayehlala kuleli hostela.

OLUNYE UDABA:Isitholakele ingane eyathunjwa inamasonto amathathu izelwe e-KZN

Kwavulwa icala lokuzama ukubulala emaphoyiseni aseMlazi kanti lusaqhubeka uphenyo mayelana nenhloso yokuhlaselwa kwalo mlisa.

UMbhele ufunelwa namanye amacala okuzama ukubulala kanye nelokubulala okuthiwa enzeka kulo leli hostela.

Kuthiwa uyaziwa ukuthi uhlezi ehlomile futhi unobungozi.

Ngokusho kwamaphoyisa, isikhishiwe incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe kanti uma kukhona owaziyo ukuthi ukuphi, angaxhumana noWarrant Officer Bonginkosi Ngcobo ku-079 5000 694 noma ku-083 477 6690.    

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.