ISITHOMBE: Amaphoyisa athungatha lo msolwa ngecala lokudlwengula eThekwini

2017-10-25 18:05

eThekwini - Uphiko oluphenya ngamacala odlame lomndeni, ukuvikeleka kwezingane kanye namacala ocansi eBrighton Beach acela umphakathi ulekelele ngolwazi olungaba wusizo ecaleni lokudlwengula.

Owesimame oneminyaka engu-24 ubudala wathathwa ngowesilisa ongaziwa owayehamba ngemoto yohlobo lweRenault Clio emhlophe.

Lo mlisa wahambisa lo wesifazane emathuneni aseStellawood lapho afike amdlwengulela khona.

Kwavulwa icala lokudlwengula emaphoyiseni aseMbilo kodwa icala ladluliselwe ophikweni lwaseBrighton Beach.

OLUNYE UDABA: Bagwetshiwe abalahlwe amacala okubulala nokugebenga kwaNongoma

Iphoyisa eliphenya leli cala likhiphe isithombe sokufanisa lo msolwa. Kuthiwa umsolwa mfishane futhi mncane ngokomzimba.

Kukholakala ukuthi useminyakeni eko-34 ubudala kanti ekhanda unemiyeko.

Uma kukhona onolwazi ngalo mlisa angaxhumana nomshesi uConstable Sthabile Mlaba ku-031 203 7334 noma ku-078 231 6543.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.