ISITHOMBE: Ifoni entsha yakwaNokia ayisayingeni ayama-Selfie, isidlise ngama-Bothie

2017-08-17 14:01

London – Inkampani yaseFinland, iHMD Global Oy, yethule i-smartphone entsha yakwaNokia emzamweni wayo wokuqala wokuzama ukuwina amakhasimende aSamsung no-Apple.

INokia 8 izoqala ukutholakaka ngoSepthemba kanti izoqala ukudayisa emazweni ahlukene ngemali engu-€599, u-HMD usho kanjalo ngoLwesithathu.

Le nkampani, eyaqala ukusebenza ngonyaka ka-2016, neyathola imvume ekhethekile yokwakha amafoni akwaNokia, okwamanje ibilokhu igxile ekubuyiseni uNokia ngama-smartphones angambi eqolo kanye nokubuyisa ifoni yodumo esiyenziwe kabusha, iNokia 3310, eyaqala ukudayisa ngeminyaka yama-2000.

OyiChief Product Officer yeHMD, uJuho Sarvikas, uthi manje “sekuyisikhathi esihle” sokukwethula lolu hlobo lwefoni aluchaze njengolusezingeni eliphezulu kakhulu futhi olubaluleke kakhulu kwakhiqizwa yile nkampani.

OLUNYE UDABA:ISITHOMBE: Ingase yakhiwe nge-glass, ishajwe ingaxhunyiwe, i-iPhone elandelayo

Le foni izoshaya ngobuchwepheshe obaziwa nge-“dual-sight” obesebenza uma ushutha izithombe noma uqopha ama-video, nalapho ikwazi ukuthi iveze izithombe ezishuthwa ngekhamera engaphambili kanye nengemuva ngesikhathi esisodwa ngokuthi kuhlukaniswe phakathi i-screen. I-HMD ichaza lobu buchwepheshe njengobushutha izithombe ze-‘Bothie’, hhayi i-‘Selfie’.

Ukwethulwa kwale foni kuza njengoba u-Apple ezilungiselela ukwethula i-iPhone etsha kanti no-Samsung ukhipha iGalaxy Note 8. Kodwa-ke uSarvikas uthi ngokukhipha le foni abanandaba kangakho nezinkampani abazoncintisana nazo, kodwa banendaba kakhulu nokwakhela amakhasimende.

UNokia Oyj, wadayisela uMicrosoft leli bhizinisi lokwakha amafoni ngonyaka ka-2014. Ngo-2016 uMicrosoft wabe usulidayisela uHMD and FIH Mobile, nokungenye yezinkampani engaphansi kwenkampani eyakha amafoni eKapa.

Zibonele isithombe sale foni entsha yakwaNokia ngezansi:

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/World
 

Our top picks for doggo post of the week

All the best social media shared posts about our favourite furry friends!

 

Paws

Meet the unstoppable two-legged cat taking over the interwebs!
10 foods you should NEVER feed your dog!
Pet owners are spending thousands on animal birthday parties! Here’s why…
WOOF Project: The pop-up dog adoption station
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.