ISITHOMBE: Indlela entsha yokuvikela abesifazane kwi-HIV

2017-06-14 11:00

Durban – Indlela entsha yokuvikela abesifazane kwisandulela ngculazi izonikezwa iziphathimandla kwezesayensi kuleli nakwamanye amazwe.

Ososayensi eNgqungqutheleni yeNgculazi eNingizimu Afrika ebibanjelwe eThekwini, bajabule kakhulu ngeringi enezithako zama-ARV eshuthekwa esithweni sangasese sowesifazane, ebizwa ngeDapivirine ring, okuthiwa inciphisa amathuba okutheleleka kowesifazane ngo-30%.

Izibalo ziveza ukuthi abesifazane abaphakathi kweminyaka engu-15 no-24 ubudala basengcupheni enkulu yokutheleleka ngesandulela ngculazi eNingizimu afrika.

Le ringi, evikela ukuba isandulela ngculazi isabalale emzimbeni nokuthi ingene kowesifazane uma kwenziwa ucansi, yahlolwa kwabesifazane abayizinkulungwane ezine eNingizimu Afrika, eMalawi, e-Uganda naseZimbabwe.

OLUNYE UDABA: Owesilisa uthi wadliswa izidakamizwa, wadlwengulwa

Imiphumela yocwaningo ngesonto elizayo izothunyelwa kwi-European Medical Association, okuyinhlangano iWorld Health Organisation ethembele kuyona kakhulu ngemibono ethinta ezesayensi.

Iziphumo zizophinde zinikezwe iMedical Control Council eNingizimu Afrika ekupheleni konyaka.

Kuthiwa le ringi ingahlala esithweni sangasese sowesifazane izinyanga ezintathu ingaphumi, ngisho ngabe kuthiwa uyasina, ushaya ingoma noma olunye uhlobo lomdanso.

- eNCA

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.