ISITHOMBE: Injabulo abafundi benikezwe amabhayisikili abhalwe amagama abo

2018-02-28 18:00

eThekwini - Bashiywe nomyalezo ovuthayo ngesikhathi benikwa amabhayisekili abafundi baseSonyongwana High School eCreighton KwaZulu Natal.

Laba bafundi badonswe ngendlebe ngokuthi lawa mabhayisikili bawaphathake kahle ngoba angawokubalekelela bahambe kahle uma beya esikoleni, ngakho-ke ubudedengu abafuneki.

Inkampani i-Rheinmetall Denel Munition inikele ngamabhayisekile angu-920 kubafundi ukuze bakwazi ukuya kalula esikoleni.

Abafundi bajabule kakhulu bethola lawa mabhayisikili abebhalwe namagama abo.

Isikhulu somnyango wezeMfundo uThami Mbanjwa uyale abafundi ukuthi amabhayisekile akangatholakali epake emashibhini kodwa abonakale esikoleni.

OLUNYE UDABA: Kusuke isiphithiphithi enyuvesi abafundi beqa amasango

“Sijabule kakhulu ngokwenziwe ile nkampani ukuthi inikeze abafundi amabhayisekili, kodwa ke asifuni ukubona esepake emashibhini kodwa sifuna ukuwabona njalo kulamagceke alesi sikole.

Niqaphele nasemigaqweni ,nigade izimoto ukuze niphephe, azoba wusizo kakhulu ngoba nizobe nizivocavoca ukuze nikwazi ukuphila impilo ende” kusho uMbanjwa.

Le nkamapani ayiqali ukwenza okuhle kulesi sikole njengoba ifike nezindlu zangasese ezingomahamba nendlwana. Yake yanikela nge-laboratory, izincwadi futhi yakha nezinye izindlu zangasese.

Lama bhayisekili azoba nomuntu ohlezi ewagadile ozophinde awanakekele uma enenkinga.

UMqondisi omkhulu we-Rheinmetall Denel Munition u Nobert Schulze uyale abafundi ukuthi bawanakekele lamabhayisekili azokwenza imizimba yabo iphile isikhathi eside.

Uthe baqala ngamabhasi kodwa babona ukuthi awenzi kahle, yingakho beqhamuke nokuthi babanike amabhayisekili.

Umasibala iDr Nkosazane Dlamini-Zuma, uMnyango wezeMfundo bebeyingxenye yalo mcimbi njengoba bekhuthaze abafundi ukuthi bawanakekele lamabhayisekili ngoba azobasiza noma sebeqedile esikoleni.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.