ISITHOMBE: Kulimale 15 engozini yetekisi nezimoto e-KZN

2017-09-12 19:30

Johannesburg - Kulimale abantu abangu-15 ngoLwesibili, ngesikhathi kushayisana itekisi nezimoto ezimbili ku-R56 phakathi kwaseRichmond naseMgungundlovu, KwaZulu-Natal, kusho abosizo lokuqala.

Okhulumela i-ER24, uRussel Meiring, uthe abosizo lokuqala nabanye bezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko ngezithuba zabo-13:00 bafica itekisi nezimoto ziphakathi nomgwaqo.

OLUNYE UDABA:Kulimale inqwaba engozini yamatekisi eThekwini

"Zontathu izimoto beziboqokile. Abantu abathathu bebesasetekisini, bengakwazi ukuphuma kanye noyedwa obebhajwe ngaphakathi kwenye yezimoto. Inqwaba yabanye abantu ibilokhu yehla yenyuka khona endaweni yesigameko," kusho uMeiring.

"Abosizo lokuqala kudingeke ukuthi basebenzise amathuluzi ukubatakula ezimotweni. Ngemuva kokutakulwa, babe sebebahlolwa bathola ukuthi babili abasesimeni esibucayi, kwathi abangu-13 bathola imihuzuko."

UMeiring, uthe abantu abalimalile balashelwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuphuthunyiswa ezibhedlela ezahlukene beyoqhutshekwa nokwelashwa.

Imbangela yengozi ayaziwa kodwa kuyaphenywa, esho.


 - African News Agency

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.