ISITHOMBE: Liyohlolwa i-aphula 'elijovwe ngegazi'

2017-09-06 16:01

Cape Town - Kuphayize ilambu elibomvu enkundleni yezokuxhumana uFacebook ngesonto eledlule ngemuva kokuba owesifazane efake isithombe se-aphula okubukeka sengathi lijovwe ngegazi.

ULauren Carolous wafaka lesi sithombe ngomhlaka-1 Septhemba ngemuva kokuba ethenge ama-aphula akwaGranny Smith, eSuperspar, enxanxatheleni yezitolo iZevenwacht, eKuils River.

UWafaka izithombe ezimbili ze-aphula elilunyiwe, elibomvu phakathi nendawo.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe izelamani ezisebenzise obhanana ukushushumbisa imali ejele

Iningi labantu ku-Facebook laqala labuzana ukuthi yini le ebomvu ephakathi, abanye bethi yigazi eline-HIV.

UCarolous uthe ama-aphula uwabuyisele esitolo kwa-Spar, okuyibo abawahambisa ukuba ayohlolwa.

Ubhale enkundleni yezokuxhumana ukuthi: "Ngisola ukuthi yigazi elingcolile, kodwa i-aphula lihanjiswe e-laboratory liyohlolwa."

Abanye babeqhulula amahlaya bethi i-aphula lingene esikhathini.

Yize kunjalo uJarryd Gennarakis oyimenenja yakwaSpar uthe akukho olubi ngesigameko, ukubola nje kwesithelo. Uthe akekho noyedwa ongakwazi ukubona ukuthi leli aphula libolile ngaphandle kokuba lilunywe noma lisikwe phakathi.

 - Daily Voice

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.