ISITHOMBE: Odokotela baseMzansi baxhume ngempumelelo induku kowesilisa

2017-05-22 18:13

Cape Town – Ithimba lodokotela baseStellenbosch University (SU) kanye nesibhedlela iTygerberg Academic Hospital basanda kuqhuba ngempumelelo uhlelo lokuxhunywa kwenduku yowesilisa, nokwenze lesi sikhungo saba ngesokuqala emhlabeni wonke ukuthi sikwazi ukuqhuba lolu hlelo izikhawu ezimbili ngempumelelo.

Uhlelo lokuxhunywa noma ukufaka induku kowesilisa lwenzeka okokuqala ngqa ngenyanga kaDisemba kunyaka ka-2014 kuso lesi bhedlela esifanayo.

UProf André van der Merwe, oyiHead of the Division of Urology, emkhakheni we-Faculty of Medicine and Health Sciences (FMHS), e-SU, uyena obehola lolu hlelo olwathatha amahora angu-9 nohhafu ngomhlaka-21 ku-Ephreli.

Umuntu owahlomula ngowesilisa oneminyaka engu-40 ubudala owalahlekelwa yinduku yakhe eminyakeni engu-17 eyedlule ngemuva kwezingqinamba abhekana nazo kulandela ukusokwa ngokwesintu. Igama lalo wesilisa ligodliwe.

OLUNYE UDABA: BUKA: Udokotela ekhipha ikokoroshe liphila ekhanda lowesifazane

“Nakanjani ungezinye zeziguli ezijabule kakhulu ewadini. Wenza kahle kakhulu,” kusho uProf Van der Merwe.

“Azikho izimpawu zokungamukeli, futhi zonke izitho ezifakeliwe zibukeka ziphola kahle.”

Lesi siguli kulindeleke ukuthi siqale ukukwazi ukwenza imisebenzi ejwayelekile eyenziwa yisitho sangasese efana, nokuchama nokunye, esikhathini esiyizinyanga eziyisithupha ngemuva kwalolu hlelo.

Ukungafani kwemibala phakathi kwesitho sangasese sesiguli kanye nesitho anikelelwe ngaso kuzofihlwa nge-tattoo esikhathini esiyizinyanga ezingu-6 kuya kwezingu-8 kwenziwe uhlelo.

“Ngebhadi asikwazanga ukuthola onikelayo webala elifanayo. Kulesi simo onikelayo umhlophe kanti onikeleliwe mnyama.”

UNgqongqoshe wezeMpilo eWestern Cape, uDr Nomafrench Mbombo, uchaze lolu hlelo lokuxhunywa kwenduku njengempumelelo.

Kuthiwa induku yonke yowesilisa yakhishwa ngokukhulu ukucophelela kulo owayenikela ukuze kugcinwe imithambo yegazi isebenza ngendlela. Kwabe sekubekwa umaka yonke imithambo maqede kwaxhunywa induku kowesilisa owayenikelelwa. 

penis, penis transplant

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.