ISITHOMBE: 'Owe-EFF' ubanjwe eba ushokoledi ngeValentine

2017-02-15 18:04

Johannesburg - Isimo somnotho kulezi zinsuku sinzima kanti futhi senza kube lukhuni ukujabulisa othandiweyo wakho, ikakhulukazi ngosuku lwezithandani, i-Valentine's Day.

Phela kufanele sibajabulise labo esibathandayo ngazo zonke izinto ezimnandi, kungenjalo uzibeka ethubeni lokwaliwa.

OLUNYE UDABA: Uzilengisile ekuthiwe webe ushokoledi

NgoLwesibili bekuwusuku lothando, indoda ebigqoke isikibha seqembu lepolitiki i-Economic Freedom Fighter (EFF) ibanjwe yeba ushokholedi esitolo sakwa-Pick 'n Pay Express .

Kulesi sithombe esizungeza ezinkundleni zokuxhumana, kubonakala indoda ifakwa ozankosi ngonogada egaraji.

Akucaci ukuthi lesi sigameko senzeke kuphi.

Le ndoda ishayelwe ihlombe ngowayeyilungu le-EFF osengumholi we-Black First Land First (BLF), u-Andile Mngxitama ophawule ngokuthi "abantu abaqhubeke bantshontshele abantu abamhlophe ngokukhululeka".

UMngxitama uphinde wathi asiqale sithole umhlaba wethu kuqala, konke okunye kuzolandela.

ULufuno Gogoro, owaxoshwa ku-EFF, uthe "kunokuzama ukubuyisa umhlaba balokhu bentshontshana noshokoledi".

"Thina silwisana nalabo abasithathela umhlaba, kukhona abantshontshana noshokoledi. Uma sesiwutholile umhlaba wethu sizozikhiqizela ushokoledi," kusho uGogoro.

ISITHOMBE: The Citizen

.

 - The Citizen

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.