ISITHOMBE: Sekuphinde kwasha enye iFord Kuga kuleli

2017-08-02 18:00

Johannesburg – Ngemuva kwesonto uFord South Africa umemezele ukuthi kubuyiswe izimoto ezingamaKuga ihlandla lesibili, olunye uhlobo lwale moto eyi-SUV kubikwa ukuthi lugqamuke amalangabi.

Le Kuga igqamuke umlilo iku-N12 eJet Park, eBoksburg.

UFord wacela ukuba kubuyiselwe emuva amaKuga angu-4 556 ohlobo lwe-1.6-litre Ecoboost, akhiqizwa kusukela ngoDisemba 2012, kuya kuFebhuwari kunyaka ka-2014, ngoJanuwari kulandela imibiko eminingi yezigameko zokusha kwezimoto eziwulolu hlobo emigwaqeni.

OLUNYE UDABA:Abakwa-Ford SA bathi bayazi nge-Ford Kuga egqamuke ilangabi ngeSonto

I-tweet efakwe yiCrimeairnetwork, ikhombisa le moto yohlobo lwe-SUV ivutha amalangabi. UFord South Africa utshele iWheels24 ukuthi uyazi ngalesi sigameko.

“Siqala uphenyo oluphelele ngalesi sigameko kanti sesinike ikhasimende emotweni yesikhashana. Kodwa-ke sisazama ukufinyelela emotweni ukuze sithole ukuthi kwenzekeni.”

Zibonele isithombe sale moto yohlobo lweFord Kuga ngezansi ivutha amalangabi:

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.