Isithombe sobumbano kwabezombusazwe kukhunjulwa uMadikizela-Mandela

2018-04-10 16:01

Durban - Kwakheke isithombe esingajwayelekile sobumbano eMbizana e-Eastern Cape kwabamaqembu aphikisayo nelibusayo ngenhloso yokuhlonipha ingqalabutho eyalwela umzabalazo esanda kukhothama uNkk Winnie Madikizela Mandela.

Lokhu kubonakale namuhla emcimbini wokukhumbula uMama uWinnie edolobheni azalelwa kulo eMbizana ekungeminye yemicimbi eyenziwa izwelonke ukunikeza ithuba lokumvalelisa okokugcina abantu bakuleli abangazukwazi ukuphunelela emngcwabeni wangempelasonto ozokuba seGoli ngoMgqibelo.

Abama maqembu e-EFF, ANC, UDM kanye nezinye izinhlangano bebebonakala bendawonye begqoke imifaniswano yamaqembu abo becula amaculo, kanti abanye bebehanjiswa ngamabhasi namatekisi ndawonye.

Kumanje idolobha laseMbizana lime nse futhi kuqiniswe nezokuphepha nakuba kungekho lutho olubonakalisa inhlansi yokuphambana kwemibono kwabezombangazwe.

OLUNYE UDABA: Owesilisa ushayiswe yimoto washona

UMengameli wakuleli uMnu Cyril Ramaphosa ephelezelwa yilowo owayengu Ndunankulu kwaZulu Natali, uMnu Senzo Mchunu, Ungqongqoshe womasipala e-Eastern Cape, Fikile Xasa kanye nosihlalo we-ANC esifundazweni uMnu Oscar Mabuyane bahambele ikhaya likaMama uWinnie ekuseni namuhla ukuyohlangana namalungu omndeni.  

Kanti ke umcimbi kumbe i-rally yokukhumbula uMama izobanjelwe enkundleni yezemidlalo iMphuthumi Mafumbatha stadium esigcwele ithe phama.

Imeya yomkhandlu waseMbizana uNkk Daniswa Mfumbatha uthe ukugqoza kwentuthuko endaweni kaMama uWinnie ngezinye zezinto abacabanga ukuthi bezingamphathi kahle abazoqala ngazo maduze nje.  

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.