ISITHOMBE: Umsunguli weFacebook nonkosikazi babusiswe ngenye ingane

2017-08-29 12:31

Cape Town – Lowo ongumsunguli kanye neCEO yesikhondlakhondla senkundla yezokuxhumana, uFacebook, nokunguMark Zuckerberg, babusiswe ngenye ingane yentombazane nonkosikazi wakhe, uPriscilla Chan.

Lo somabhizinisi ufake kuFacebook isithombe sakhe nowakwakhe kanjalo nendodakazi yabo enonyaka owodwa ubudala, uMax, nalapho abebethulela khona le ntombazanyana esanda kuzalwa umhlaba wonke.

 Njengoba benza nangesikhathi kuzalwa uMax, lezi zithandani zibhalele u-August incwadi ngomhlaba ezikholwa ukuthi uzokhulela kuwona.

OLUNYE UDABA: U.e.tv wenze ezinye izinguquko, kuzothinteka i-soapie nezindaba

“Siyakwemukela emhlabeni! Umama wakho nami sijabule kabi ukubona ukuthi uzoba ngubani.

“Ngesikhathi udadewenu ezalwa, sibhale incwadi ngomhlaba esikholwa ukuthi yena futhi manje nawe uzokhulela kuwona.”

Le ncwadi ibe isibala izinto uMark kanye noPriscilla abathemba ukuthi indodakazi yabo izobhekana nazo, nokubalwa kuzo: “Umhlaba onemfundo engcono, ezifo ezincane, imiphakathi eqinile, kanye nokulingana okukhulu.”

Lezi zithandani zibe siziluleka lezi zingane ukuthi zingachithi isikhathi sazo zikhathazekile ngekusasa ngoba bona bakhona, bazoqiniseka ukuthi umhlaba uba yindawo engcono kubona kanye nazo zonke izingane zesizukulwane sazo.

Zifundele lo mbhalo ophelele kanye nesithombe ngezansi: 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.