ISITHOMBE: Usheshe wafika ukukhisimusi eMtuba iloli lichitha ubhiya

2017-08-16 16:00

eMtubatuba - Izakhamuzi zaseMtubatuba ziphume ngobuningi bazo ngoLwesibili ekuseni ziyotapa ubhiya.

Lokhu kwenzeke ngesikhathi iloli likabhiya liphaphalaza liphuma emgwaqeni lachitha wonke umthwalo walo.

Lesi sigameko senzeke ngaku-N2 endaweni yaseShik’shela enyakatho nedolobha eMtuba.

Ngokusho komunye wabashayeli obelele ngemuva embhedeni ngesikhathi kwenzeka lokhu. Iloli liphaphalaze lacishe laphuma emgwaqeni, umshayeli uzamile ukulilawula ukuba libuye nokuyilapho elichithe khona umthwalo.

OLUNYE UDABA:Ucasuke wafuna ukuqhumisa ibhomu ngoba kuchitheke ubhiya wakhe

“Sithe sesimile, abantu bavele batheleka ngobuningi babo, abanye bafike ngamaveni bezitapela amakesi kabhiya,” kusho uSbonelo Dube ongomunye wabashayeli baleli loli.

Amaphoyisa afike ngokushesha kule ndawo axosha abantu, yize bese besine bazibethela, kubika iZululand Observer.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.