ISITHOMBE: Zibalelwa ku-15 izingane ezilimale engozini yetekisi eGoli

2017-03-27 12:33

Johannesburg – Izingane ezibalelwa ku-15 kanye nomshayeli wemoto encane balimale engozini eyenzeke kwimpambanamgwaqo emgwaqeni uBeyers Naude Drive, eRandpark Ridge, eGoli, ngoMsombuluko.

Uhlangothi kanye nengxenye yonke yengaphambili lale tekisi lisale lihlephukile futhi livulekile, kusho okhulumela abosizo lokuqala bakwa-ER24, uRussel Meiring.

Izithombe ezithathwe endaweni yesigameko zikhombisa le tekisi elihlephukile emgwaqeni uDale Lace Avenue negilasi kanye nezinye izingcucu zayo kuphansi emgwaqeni.

OLUNYE UDABA: Ingozi yemoto ishiye kuvalwe ngehlahla emndenini e-KZN

Owesifazane obeshayela imoto encane kudingeke ukuthi atakulwe emotweni yakhe kusetshenziswa amathuluzi.

Zilinganiselwa phakathi kweminyaka engu-4 kanye nengu-6 ubudala izingane ebezikule moto. Ngesikhathi abosizo lokuqala befika endaweni yesigameko bazithole zihleli onqenqemeni lomgwaqo kanti ezinye bezilokhu zizulazula khona.

UMeiring uthi ezinye zezingane sezivele seziphuthunyiswe esibhedlela, ngakho nesibalo sabalimele singase sinyuke.

Izingane ziye zathola ukwelashwa endaweni yesigameko ngaphambi kokuba ziphuthunyiswe ezibhedlela ezehlukene.

Imbangela yale ngozi isazophenywa.

Le ngozi idale isiminyaminya emigwaqeni ebheke edolobheni. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.