Isiyeke isikole ingane eyaqoshwa i-video idlwengulwa

2016-07-29 16:00

Johannesburg – Intombazane yaseMpumalanga eneminyaka engu-13 ubudala, eyaqoshwa idlwengulwa amadoda amathathu, isiphoqeleke ukuba iyeke isikole ngoba ontanga bayo beyibiza nge-porn star.

Umama wale ngane uthi ingane yakhe isiyasaba ukuphindela esikoleni.

“Ingane yami isisaba nokuya esikoleni kusukela yadlwengula. Sayiphazamisa kakhulu lesi sehlakalo.

“Baba nobulwane abahlaseli bayo ukuthi bayidlwengule baze baqophe ne-video, manje ezinye izingane sezibiza ingane yami nge-porn star,” kusho lo mama.

OLUNYE UDABA: Kudlwengulwe obefuna umsebenzi eThekwini

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Gerald Sedibe, uthe lesi sigameko senzeka eNumbi Trust ngaseHazyview, ngoMeyi.

“Abasolwa baphakathi kweminyaka engu-17 no-21 ubudala,” esho.

USedibe uthe kulindeleke ukuthi abasolwa babuyele enkantolo ngomhlaka-26 Agasti.

Kuthiwa abasolwa bahlobene nale ngane.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.