Isizophela indlala yemidlalo yomoya

2017-09-07 18:00

Durban - Abalaleli bomsakazo uKhozi FM bangalindela umdlalo omusha womoya ozodlalwa emoyeni kungekudala uvale isikhundla sochungechunge lomdlalo obusudonse isikhathi eside obusihloko sithi Kusa Kusa obudlala emuva kwehora lesithathu ntambama.

Lezi zindaba ezimtoti zivezwe ngowengamele uphiko lwemidlalo yomoya uMpume Ngidi emuva kokubuzwa yileli phephandaba mayelana nesikhalo sabalaleli abathile sendlala yemidlalo yomoya emisha kulesi siteshi.

UNgidi uthe izinto zimi ngomumo ngalo mdlalo kodwa angeke asidalule isihloko sawo kuze kufike isikhathi esifanele lapho kuyokwaziswa abalale ngokusemthethweni.

OLUNYE UDABA:UKhozi FM luyaqhubeka nokuhamba phambili kuleli

"Njengoba umdlalo iKusa Kusa ungasekho nje, (sekuphinda emidala) sipheka omunye omnandi ozodlala esikhathini santambama emuva kwehora lesithathu.

"Okwamanje sisaphindaphinda emidala ngoba silinde lona ukuba uphele ukuqoshwa," kusho uNgidi.

Umdlalo odlala ngezikhathi zasekuseni ngo-10:40 osihloko sithi Izinto zimane ukwenzeka kubikwa ukuthi basawuthokozela abalaleli emuva kwezinyanga ezintathu uqalile ukuzwakala emoyeni.

Imidlalo yomoya ike yaba nedumela eminyakeni eminingi eyadlula ngamakhono abekhishwa ngabadlali abafana noLawrencia Mthembu, uMuzi Eric Ngcobo, uGuy Vezi, uShadrack Ngema noLindiwe Ntuli abangasekho bobabili, nabanye.

Abalaleli bake bakhala ngokwehla kwezinga lokulingisa kubadlali abasengamaklume, abazwakalayo ukuthi bakufunda phansi abakushoyo, babala amagama.

 - ILANGA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.