Isoka ezinsolweni zokudlwengula intombi isikelwa ukubeletha

2016-12-03 11:05

Washington – Owesifazane waseMelika ulandise iNkantolo eNkulu yaseHull Crown ukuthi isoka lakhe lamdlwengula esikwa esezobeletha.

Lo wesifazane uthi waguqa ngamadolo embhedeni ezama ukudambisa izinhlungu, okuyilapho isoka labe selivuka ebuthongweni lathi lilangazelele ucansi ngendlela emangalisayo.

Uthi walitshela ukuthi usezinhlungwini kepha laphikelela lamdlwengula, lingenandaba nokuthi uyaqandula ngenxa yezinhlungu, kubika iCosmopolitan.

Inkantolo iphinde yatshelwa ukuthi isoka layalela lo wesifazane ukuba ageze lase limphuthumisa esibhedlela wafike wabeletha ngemuva kwamahora amane efikile.

OLUNYE UDABA: Bezigigitheka enkantolo izelamani ezisolwa ngokudlwengula indoda

Umshushisi uMichael Greenhalgh nguye obelandisa inkantolo ngalesi sigameko.

“Ummangalelwa walala ngenkani nommangali yize amtshela ukuthi uyasikwa,” esho.

Kuthiwa ngemuva kokudlwengula intombi yakhe, ummangalelwa “wenza sengathi akukaze kwenzeke lutho”.

Ummangalelwa uyaliphika icala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.