‘Isoka lami elinesikhwele lishise indlu yami’

2016-07-06 10:01

Johannesburg - Ngesikhathi uPuleng Litsoane efika ekhaya ephuma kubangani bakhe ngoMgqibelo ebusuku, uthole umuzi wakhe ushisiwe.

Owesifazane oneminyaka engu-42 ubudala wase-Tshepong phase 2 eVaal utshele iDaily Sun ukuthi usola isikhwele sendoda yakhe ngalokhu.

Uthi isoka lakhe belihlala linesikhwele, kanti izinto zishube kakhulu ngesikhathi ejoyina igatsha le-ANC endaweni.

Uthi izinto ziqale ukuphuma esandleni ngesikhathi esehamba amarali, cishe nsuku zonke.

Funda nalolu daba: Kufezeke iphupho likagogo ona-105

“Uma ngibuya wayengibuza ukuthi bengenzani namaqabane ami. Lezi kwakuyizimpawu zesikhwele.”

“Kwesinye isikhathi wayekhalaza ngendlela engigqoke ngayo,” usho kanje.

Okhulumela amaphoyisa uConstable Maria Maketekete uthe kuvulwe icala lokushisa esiteshini sampahoyisa eDe Deur.

“Bekungakaboshwa muntu kodwa uphenyo luyaqhubeka,” kusho uMaketekete.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.