Isoka 'lidephune' udebe lwentombi inqaba ukwenza ucansi nalo

2017-02-15 12:31

Westonaria - UZanele Nojaja, 33, ulugubhe kabi usuku lwezithandani evuvukele udebe ngoba isoka lakhe limhlale ngezinyo kulandela ukunqaba ukwenza ucansi nalo.

Lo wesimame uthi ubehleli nesoka lakhe kumnandi kodwa izinto zajika lapho lifuna ucansi ngenkani, kubika iDaily Sun.

“Ngalitshela ukuthi angizimisele ukwenza ucansi ngicela like lishaywe wumoya liyobona abangani," kusho yena.

UZanele uthi lokhu kubenze baxabana nesoka lakhe elineminyaka engu-43 ubudala.

OLUNYE IDABA:Video: Uthisha enza ucansi nomfundi esikoleni

“Zibhuntshile izinhlelo zami zosuku lwezithandani njengoba bengihlele ukulibonga kahle isoka lami ekamelweni ngokungiphatha kahle nokungihlonipha njengoba lingaphuzi futhi lingabhemi,” kuqhubeka yena.

Le ntokazi ithi isoka layo limvezele olunye uhlangothi abengalulindele yingakho inqume ukulibophisa ukuze lizohluzeka emqondweni licabangisise kahle ngalokhu elikwenzile.

“Isoka lami aliphuzi futhi alibhemi, lihlezi lijabule futhi lingiphethe kahle yilokhu okungenze ngafisa ukulibonga ngokwenza ezibukwayo ekamelweni.

'Lokhu ngeke kusenzeka ngoba selingivezele olunye uhlangothi lwayo olungeluhle.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.