Isoka likaDJ Zinhle lithi lifuna 'ukugeza igama lalo' enkantolo

2017-05-29 17:59

Johannesburg- Isoka likaDJ Zinhle elingusomabhizinisi uBrendon Naidoo, seliphefumule okokuqala ngqa selokhu laboshelwa izinsolo zokukhwabanisa ngo-Ephreli.

Kwingxoxo elibenayo nephephabhuku iDrum, uBrendon uthe ulubheke ngabomvu usuku azovela ngalo enkantolo ukuze ezogeza "igama lakhe".

Leli geza likasomabhizinisi liphinde lasivulela isifuba ngobudlelwano baso noDJ Zinhle lathi konke kuhamba kahle phakathi kwabo nakuba kunezinselela.

OLUNYE UDABA: Isoka likaDJ Zinhle libhekene namacala okukhwabanisa

"Kunzima kodwa sikahle. Uma sindawonye siyajabula," kusho uBrendon.

Ngaphambi kokuba aboshwe uBrendon, yena noZinhle babegcwalisa izithombe zabo enkundleni yezokuxhumana i-Instagram kodwa manje konke lokho akusenzeki.

"U-Instagram owomphakathi kodwa ubudlelwano obangasese. Angikuthandi ukubukwa," eqhuba.

UBrendon waboshwa ngo-Ephreli ngemuva kwenqwaba yamacala okukhwabanisa athweswe wona.

Ngemuva kokuchitha izinsuku eziyisikhombisa ejele uBrendon wadedelwa ngebheyili yemali engu-R60 000.

UBrendon ulindeleke ukuba avele ngomhlaka-9 Juni enkantolo.

 - TshisaLIVE

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter        


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.