Isoka likamzukulu 'lidlwengule labulala' isalukazi,107

2018-01-31 09:31

Howick - Izakhamuzi zaseMpophomeni eHowick, eKZN Midlands zikhala ngamaphoyisa kulandela ukubulawa kwesalukazi esineminyaka engu-107 ubudala.

UPhillipina Maphumulo kubikwa ukuthi udlwenguliwe ngaphambi kokuba aklinywe abulawe, okuyisenzo okuthiwa senziwe yisoka likamzukulu wakhe, ngeSonto.

Ngemuva kokusabalala kwalezi zindaba, izakhamuzi zingenele emgwaqeni zibhikisha zizwakalisa ilaka lazo.

Zisola amaphoyisa ngalokhu, zithi ukube kukhona akwenza ngesigameko zokuqala ngesikhathi umsolwa ehlasela lo mndeni, ugogo ngabe usaphila namanje.

Ikhansela lendawo, uThulani Mthalane, lithi umzukulu kagogo ulitshele ukuthi umsolwa ufike endlini ebusuku ngeSonto, wazobahlasela.

OLUNYE UDABA: Kuthungathwa obulale umama wengane ngoba emalile

Uthi umzukulu umtshele ukuthi umsolwa udlwengule ugogo ngaphambi kokuba amklinye ambulale. Umzukulu ukwazile ukubaleka ayobikela omakhelwane.

UMthalane uthi umsolwa unikelwe emaphoyiseni ngumndeni wakhe obusabela ukuthi uzobulawa yizakhamuzi.

Uthi omakhelwane bafike endaweni yesigameko engasabonwa umsolwa, nogogo eseshonile.

Okhulumela amaphoyisa eKZN uColonel Thembeka Mbhele uthi owesilisa oneminyaka engu-39 ubudala uboshiwe kanti uzovela enkantolo kaMantshi eHowick namhlanje ngoLwesithathu.

“Ukulholwa kwesidumbu yikhona okuzocacisa ukuthi owesifazane udlwenguliwe yini ngaphambi kokuba abulawe,” kusho uMbhele.

Uthi umsolwa akaboshwanga ngesigameko sokuqala esenzeka ezinyangeni ezintathu ezedlule ngoba kalivulwanga icala.

Uthe futhi kungamanga ukuthi amaphoyisa athi abazifunele bona umsolwa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.