Isoka lishaye labulala intombi ngefosholo phambi kwabangani

2017-09-04 18:00

eKapa - Owesimame oneminyaka engu-26 ubudala waseDe Doorns ubulewe yisoka lakhe limshaya ngefosholo.

Okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape uFC van Wyk uthi amaphoyisa aphenya ngokubulawa kukaLaurina Ryk.

"Kuvulwe icala lokubulala ngemuva kokubulawa kwalo wesimame ngomhlaka-2 kwephezulu ngo-21:05 epulazini iVergenoegd Farm e-Orchard, eDe Doorns.

OLUNYE UDABA:Isoka lisolwa ngokubamba intombi ngomuthi

"Ngokwemibiko evelayo, umufi kanye nomsolwa baba nengxabano baze babambana ngamawashingi. Umsolwa washaya umufi ngefosholo ekhanda," kusho uVan Wyk.

Lo wesimame washonela khona lapho endaweni yesigameko ngenxa yakulimala kabi.

Isoka lakhe elineminyaka engu-25 ubudala liboshiwe, kubika iThe Star.

Isihlobo, esicele ukuba igama laso ligodlwe, sithe lezi zithandani bezingcebelekile nabangani kubo kaRyk epulazini ngesikhathi kuqala ingxabano.

"Bekumnandi bephuza nabangani ngesikhathi isoka livukwa yisikhwele esibi, bekungekho nongalinqanda kulokhu.

"Lishaye umufi izikhawu ezimbalwa ngefosholo ekhanda kwaze kwavela ubuchopho. Libuye lasabisa omunye umuntu lamtshela ukuthi uzolandela naye uma esephuma ejele ngokubulala intombi yakhe ngonyaka ozayo," kusho lesi sihlobo.



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.