Isoka liphumele obala emaphoyiseni ngokugwaza libulale intombi

2018-05-01 09:38

eThekwini - Owesilisa owaqamba amanga emaphoyiseni wathi umama wengane yakhe wabulawa yizigebengu ezazibahlasele, usephumele ngobala ngeqiniso.

Ngokusho kwenkampani yonogada iReaction Unit of South Africa, leli soka liboshwe ngoLwesine lisekhaya kubo eCanelands eVerulam.

Kuthiwa uzivumele ngokwakhe kumseshi ukuthi wagwaza intombi yakhe uSilindile Zungu,21, waseMahlabathini ayenaye lapha eVerulam kukhona nendodakazi yabo eneminyaka emibili ngomhlaka 17 kwephezulu.

OLUNYE UDABA: Kucelwa ababeseMoses Mabhida bayobhala izitatimende emaphoyiseni

Kuthiwa lokhu kwenzeke ngesikhathi lezi zithandani ziba nengxabano endleleni eya ekhaya kusukela emsebenzini.

Okhulumela abe-Reaction Unit uPrem Balram uthe umsolwa waphekwa ngemibuzo izikhathi ezimbalwa kwaze kwaba wukuthi uyalivuma icala.

Ngomhlaka 19 kwephezulu iphephandaba iDaily Sun labika udaba lwalezi ngokuthi zagetshengwa ngamadoda amabili abathathela omakhalekhukhwini.

Leli soka latshela amaphoyisa ukuthi ngosuku abagetshengwa ngalo, izigebengu zagwaza intombi ngaphambi kokuba zibaleke.

Leli soka latholwa ngabezimo eziphuthumayo esesikhotheni nentombi yakhe igcwele igazi ethi uzama ukukulivimba.

Le ntombi yashonela khona lapho.

Umakhalekhukhwini wayo watholakala kubo kamngani wesoka ngesikhathi amaphoyisa ematasa nophenyo lwawo.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele uthe amaphoyisa asoThongathi abophe owesilisa, 27 ngecala lokubulala.

Lo mlisa ubheke nelinye icala lokuphazamisa ingalo yomthetho kanti kulindeleke ukuba avele phambi kweMantshi yaseVerulam.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.