Isolwa ngokweba umthofu indoda eyafakwa ebhokisini ngabelungu

2016-12-02 16:00

Johannesburg - INkantolo yeMantshi yaseMiddleburg ilalele ukuthi uWillem Oosthuizen noTheo Martin Jackson bahlasela uRethabile Mlotshwa ngoba wayebe umthofu.

Ummeli uJohn Welch uthe uMlotshwa ungumsolwa oqavile emacaleni okwebiwa komthofu eMpumalanga.

NgoLwesine, umseshi uDimakatso Bahula, unqabile ukuba abasolwa badedelwe ngebheyili ngezinsolo zokuthi izakhamizi zaseMiddleburg zizobenzakalisa.

OLUNYE UDABA: Basababisa ngokumdubula ngaphambi kokumfaka kwelomngcwabo

Kusolwa ukuthi uMlotshwa waphoqwa ukuba angene ebhokisini lomngcwabo esatshiswa ngokuthi uzogqitshwa ephila.

Lesi sigameko senzeke ngo-Agasti kulo nyaka. Isigameko saqoshwa kwi-video eyathathwa ngomakhalekhukhwini, yasabalala ezinkundleni zokuxhumana, kwathukuthela iningi.

Kule video uMlotshwa ubonakala ekhala izinyembezi ngesikhathi la madoda ezama ukumvalela ebhokisini lomngcwabo.

La madoda azwakala ethi azombhunyela ngophethiloli. I-video kubikwa ukuthi yaqoshwa eduzane nase-Komati Power Station.

 - SABC

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.