Isosha lidubule labulala iphoyisa ngemuva kokudubula libulale intombi - eThekwini

2017-01-31 19:30

Durban -  Isosha lakuleli lisagcwele izinkalo kulandeli isigameko sokudubula esibulale ababili kwalimala kabi abanye ababili eThekwini.

Abe-SA National Defence Force (SANDF) bakuqinisekisile ukuthi ilungu labo elisebenza ngaphansi kophiki i-8 South African Infantry Battalion (8 SAI)‚ elizinze eRustenburg‚ lidubule abantu abathathu nge-R4.

“Kuthiwa usolwa ngokudubula abulale abantu ababili, intombi yakhe kanye nomngani wentombi, omunye wesimame kanye nomuntu wesilisa okukholakala ukuthi ilungu le-SAPS.

OLUNYE UDABA:Lizofihlwa namuhla isosha lakuleli elabulawa eDRC

“Kuthiwa leli phoyisa lidubuleke ngesikhathi liyophenya ngaso lesi sigameko sokudubula. Kuthiwa leli phoyisa lidubule lalilama leli sosha emlenzeni kodwa lakwazi ukuphunyuka.”

Abe-SANDF bathi bathumele awabo amaphoyisa ukuzolekelela ukuthungatha leli sosha. Le nhlangano ibuye yasigxeka kakhulu isenzo saleli sosha sokuqotha abantu abaningi kangaka ngenhlamvu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.