ISouth African Weather Service ifuna imishini emisha

2017-10-13 09:31

Johannesburg - ISouth African Weather Service ithi idinga imali engalinganiselwa ku-R30-million ukuze kulungiswe ingqalasizinda yokuhlola noma ukuqagula isimo sezulu.

I-South African Weather Service ithi le mali izosiza ekutheni bathole imishini enobuchwepheshe besimanje bokuqagula isimo sezulu sanamuhla esibi.

Ithi eminye yemishini yabo ayikwazanga ukubazisa baqagule isimo sezulu kwezinye izindawo ezikhahlanyezwe yisiphepho esihambisana nezimvula kanye nokuduma okunamandla kwakamuva.

OLUNYE UDABA: Kuxwayiswa ngamakhaza eThekwini

I-South African Weather Service ithe isimo sezulu esibonakalo kulezi zinsuku sidalwe yizinto ezahlukene okubalwa kuzona ne-global warming.

Isimo sezulu esibonakale ezinsukwini ezedlule sibulale abantu abalinganiselwa kwabangu-14 eKZN.

Isikhulu esiphezulu seSouth African Weather Service, uJerry Lengoasa, sithi badinga imishini yesimanje ngokushesha.

ULengoasa utshele abezindaba ePitoli sebekhulumile noMgcinimafa becela izimali.

- SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.