IStars isisayine obengumgadli weChiefs

2017-08-18 11:56

Cape Town - IFree State Stars isikuqinisekisile ukuthi isisayine obengumgadli weKaizer Chiefs, uSiphelele Mthembu, ngemuva kwenhlolokhono ehambe kahle.

Kuke kwabikwa ngaphambilini ukuthi lo mgadli sekusele kancane ukuthi ajoyine iStars, kanti manje sekuhlale obala ukuthi ikusasa lakhe uzoliqhuba kwi-Ea Lla Koto.

Lo mgadli, osedlalele zombili izinkunzi zaseSoweto, iChiefs kanye ne-Orlando Pirates, kubikwa ukuthi usayine inkontileka yonyaka owodwa kanti angase adlale uma ngabe leli qembu selitholene phezulu noSuthu emdlalweni olandelayo wePremiership.

OLUNYE UDABA: UPitso ukhala ngokulaxazwa ojoyine iPirates

Lo mdlali oneminyaka engu-30 ubudala wachitha amasizini amathathu namaGlamour Boys kodwa wakuthola kunzima ukuthi abe sohlwini lwabadlali abaqala umdlalo, kodwa-ke manje kubukeka sengathi uzothola ithuba lokubuyisa umgqigqo wakhe.

Ngale nje kokubhinjelwa yizinto kuChiefs, lo mgadli ongowokudabuka KwaZulu-Natal uyaziwa njengomdlali owashayayo amagoli kwiPremiership njengoba avalela enethini inqwaba yamagoli ngesikhathi esadlalela iPlatinum Stars ngesizini ka-2012/13 kanjalo neka-2013/14.

IStars izolibhekisa eKing Zwelithini Stadium nalapho izobhekana khona noSuthu ngoMgqibelo.

Lo mdlalo uzoqala ngo-15:00.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.