IStars isisayine owayedlalela iChiefs

2017-01-18 18:00

Cape Town - IPlatinum Stars isimemezele ukusayinwa komdlali owayegijima kuChiefs, u-Abia Nale, uGerald Phiri kanye noWillem Mwedihanga.

IDikwena ayifuni ukumosha isikhathi ngokuqinisa isikwadi njengoba sekusele isonto elilodwa kuvalwe iwindi lokuthengwa nokudayiswa kwabadlali.

OLUNYE UDABA: UMotaung uthi ikusasa likaMatoho liphephile kuChiefs

IMenenja Jikelele yaleli qembu, uSenzo Mazingiza, udalule ukuthi leli qembu eligijima kuPremiership lithemba ukuthi lizosayina okungenani omunye umdlali njengoba uCavin Johnson efuna ukuwina isicoco engxenyeni yesibili yesizini.

“Sekube nezingxoxo phakathi kwethu kanye nomqeqeshi mayelana nabadlali esifuna ukubaletha,” uMazingiza usho kanjalo ku-website yaleli qembu.

“Ngingakuqinisekisa ukuthi sesisayine uNale, onesipiliyoni esiningi. Uzokwengeza kwiphambili lethu.”

UMazingiza uqhube wathi uzodlala indima ebalulekile eqenjini, wathi bathemba nokuthi isipiliyoni saMwedihanga sizobasiza emuva. “Angeke sisawadedela amagoli manje.”

Uphethe ngokuthi kunomunye umdlali abamuzingelayo kanti bangase benze isimemezelo uma konke kuhamba kahle. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.