ISundowns ikhuza ubugwala kwiChiefs

2017-03-30 12:32

Durban - Izinsongo ezinzima ngaphambi komdlalo obhekwe ngabomvu ngabathandi bebhola njengoba kuwumbango wasesicongweni.

IKaizer Chiefs izodudulana ne-Mamelodi Sundowns kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo ngo-20h15 eFNB Stadium, eSoweto. Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu ngabathandi bebhola njengoba la makilabhu elwela isicoco seligi.

ISundowns iyizimfivilithi ukunqoba lesi sicoco njengoba isele ngemidlalo eminingi uma iqhathaniswa namanye amakilabhu.
Isele ngemidlalo emine uma iqhathaniswa ne-Cape Town City eqhwakele.

Nokho amaphuzu angakaqoqwa asuke esafana nento engekho njengoba kusuke kusengenzeka noma yini kuleyo midlalo.
Kumanje iDowns idonsa kanzima njengoba isigijime imidlalo emithathu inganqobi.

OLUNYE UDABA: ISundowns idinwa ngelikapotsho kwi-CAF

U-Erick "Tower" Mathoho oyisitobha seChiefs, uthi bazofaka usawoti esilondeni seDowns.

"Siyakuqonda ukuthi iSundowns ayenzi kahle kodwa nathi ngokunjalo asenzi kahle okusho ukuthi kufanele siwunqobe lo mdlalo. Lo mdlalo yiwona ozosicacisela ukuthi sizosithola isicoco seligi noma ngeke. Ukuze ube yingqwele kufanele unqobe imidlalo emikhulu njengalona.

"Kodwa-ke asinavalo, sesibabonile lapho bebuthaka khona sizosebenza ngakho. Ngifuna ukukubeka kucace ukuthi kulo mdlalo sizoshayelela isipikili sokuthi iDowns ngeke isivikele isicoco sayo. Izogoduka izinhliziyo zabalandeli  bayo zibuhlungu yinto esizoyenza kuyona," kusho uMathoho obekhala ngokuthinteka eqakaleni njengoba ubegijima emibili yesihle yeBafana Bafana.

UTebogo Langerman odlala emuva kwiDowns naye obekwiBafana, uthi iChiefs ayibathusi ngisho belele.

"Ifomu yethu yakamuva akusikho ngoba iSundowns ibibheda inkinga wukuthi amakilabhu ebesibhekene nawo abedlalisa okwamagwala avele ayogcwala emuva angafuni ukudlala, apake ibhasi. IChiefs ingasindiswa wukuthi yenze lokhu okwenziwe yila makilabhu ebesidlala nawo kodwa uma ike yawudedela umdlalo sijahane, lapho angingabazi sizoshiya kukhalwa.

"Sike sakwenza lokho phambilini angiboni kukhona okuzosivimba. Lo mdlalo uyafana neminye kithina wukuthi wona nje sidlala nekilabhu enezinjongo ezifana nezethu okuwukunqoba isicoco seligi. Kodwa-ke angingabazi ukuthi kuzogcina thina," kusho uLangerman.

IDowns isabambe umoya ngoKhama Billiat oqalile ukujima ngeledlule emuva kokumiswa kabi wukulimala. Kulindwe odokotela ukuba banqume ngaye lingakapheli leli sonto.


- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.