ISundowns iqinisekise eyokuvuselelwa kwenkontileka yesethenjwa

2017-05-23 13:59

Cape Town – Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, useqinisekise abalandeli beSundowns ngokuthi le kilabhu “angeke idembesele” ezindabeni ezithinta izinkontileka zabadlali.

Ngokwe-website yeqembu, uMosimane ufunge wagomela ukuthi le kilabhu izogcina abadlali bayo ababalulekile ngaphambi kokuba kuqale isizini entsha ngo-Agasti.

“Besilokhu sibhekene nezinkontileka okumele zivuselelwe,” kusho uMosimane.

“Abanye abadlali banezigaba [zokukhetha ukuvuselela] ezinkontilekeni zabo okusiza ikilabhu, futhi sesizisebenzisile [izigaba zokuvuselela] ezinkontilekeni zabadlali abafana noLeo Castro kanye noWayne Arendse futhi sizobagcinela unyaka ozayo.

OLUNYE UDABA: Ngeke wawina konke - Pitso Mosimane

“Sekube kuningi ukukhuluma kanye nokuqagula ngabadlali bethu. Sidinga ukuqinisekisa abalandeli bethu ukuthi asidembeseli ngezinkontileka. Sisebenza kanzima ukuziphothula.”

UMosimane uthi abaphathi beqembu sebemuqinisekisile ukuthi baphezu kwazo zonke izinkontileka ezingaphothuliwe, okubandakanya nenkontileka kaKhama Billiat, osekuvele kuxoxwa ngokuthi ivuselelwe yize noma kusasele izinyanga ezingu-18 ngaphambi kokuba iphele.

Khonamanjalo, uMosimane ukuqinisekisile ukuthi inkontileka yakaputeni weqembu, uHlompho Kekana, isivuseleliwe njengoba nesizini isiyela ngasekupheleni.

“Abantu kumele baqonde ukuthi izinkontileka ziyaxoxwa, futhi lolu akusilo uhlelo olulula. Sisanda kuphothula izingxoxo zokwelulwa kwenkontileka nokaputeni uHlompho Kekana, futhi inkontileka yakhe isivuseleliwe. Ukugcina ukaputeni wethu kubalulekile,” kuqhuba uMosimane.

“Wahola iqembu kuChampions League kanye neSuper Cup, kanjalo futhi nakule sizini. Kubalulekile ukumgcina kanye nabanye abadlali ababalulekile njengoba siqala ukuvikela iChampions League."

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/World
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.