ISundowns isibekwe icala yi-PSL

2017-02-03 10:01

Cape Town – IMamelodi Sundowns isibekwe icala yiPremier Soccer League (PSL) ngokuphula umthetho omayelana nokufakwa komdlali okungafanele ukuthi adlale emdlalweni weMultiChoice Diski Challenge (MDC).

Ngokwesitatimende sePSL, uThabang Sibanyoni wabonakala emdlalweni weqembu leDowns eligijima kuMDC ngomhlaka-4 kuDisemba nalapho leli qembu labambana khona ngo-1-1 neChippa United yize ayemisiwe ngemuva kokuthola amakhadi aphuzi amane.

OLUNYE UDABA: Ugoloza ukudlala umdlali ongenele isiteleka

“I-PSL isibeke icala iSundowns kanye nomdlali wayo uThabang Sibanyoni ngokuphula umthetho u-55.1 weFIFA Disciplinary Code kanye nomthetho weNSL u-54.1.4,” kusho isitatimende seligi esithunyelwe kwabezindaba.

“Lokhu kuza ngemuva kokuthi iSundowns ifake uSibanyoni emdlalweni weMDC ngomhlaka-4 kuDisemba 2016 phezu kokuthi lo mdlali esethole amakhadi aphuzi amane ngakho futhi kumenza angafaneleki ukudlala ngesizathu sokumiswa emdlalweni.

“ISundowns kanye noSibanyoni bazovela ngaphambi kwekomidi eliqondisa izigwegwe elizobanjwa yiligi ngomhlaka-8 kuFebhuwari.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.