ISundowns isisayine unozinti waseGhana onesipiliyoni

2017-08-01 14:07

Cape Town - IMamelodi Sundowns isiqinise isikwati sayo ngokusayina unozinti onesipiliyoni waseGhana, uBrimah Razak.

URazak wayengunozinti ohamba phambili weqembu lesizwe eGhana nowadlala emdlalweni wamanqamu kwi-Africa Cup of Nations ne-Ivory Coast, nalapho iBlack Stars, yabhaxatshulwa khona ngo-8-9 kumaphenathi.

OLUNYE UDABA: Kunxuswe oweCity ukuthi ajoyine iSundowns ukuze ezonyusa izinga

Lo mdlali oneminyaka engu-30 ubudala uchithe isikhathi esiningi edlala ePortugal kanye naseSpain, kanti ikilabhu agcina ukuyidlalela iCordoba FC, yakhona eSpain.

Ngokwe-website yeSundowns, uRazak usayine inkontileka yeminyaka emihlanu nalezi zinkunzi zePremiership.

URazak uzojoyina uDenis Onyango, uKennedy Mweene kanye noThela Ngobeni, abangabanye bonozinti baleli qembu kulandela ukushiya kukaWayne Sandilands.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.