ISundowns isizolwela indawo yesihlanu ngemuva kokushaywa elaseJapan

2016-12-11 16:30

Durban - IMamelodi Sundowns iphuthelwe ithuba lokudlulela phambili kwimidlalo ye-Club World Cup ngemuva kokushaywa ngo-2-0.

AmaSandawana awuqale kahle kakhulu futhi bekubusa wona ngesombe sokuqala.

UThapelo Morena ucishe wafaka inqaku ngomzuzu weshumi nantathu  kodwa wanqaba unozinti we-Kashima Antlers.

USogahata ongunozinti welaseJapan ubengazibekile phansi kanti futhi wenze umsebenzi omuhle kakhulu iSundowns ihlasela ingaqedi.

Kuze kwalamula uDenis Onyango okunguyena obhalise ebhodini lamanqaku ngomzuzu wamashumi amabili nanhlanu, kubika iSoccer Laduma.

OLUNYE UDABA:UMotsepe uthi bazohlukaniselana u-R20m abadlali be-Sundowns

Isiwombe sokuqala besiphethwe iNingizimu Afrika ngoba bezibonakala zisaba ngempela ukuyaphambili ezaseJapan.

Kwale ngisho esefaka uSiyanda Zwane esikhundleni sikaLeonardo Castro, uPitso Mosemane kodwa lutho ukuthola inethi.

I-Antlers ibuye ngemizuzu yokugcina (87mins) yabhalisa inqalo lokuwuvala umcimbi, kwaphela wonke amathemba kubafana bakaPitso.

Leli qembu selibhalise elalo igama kowandulela owamanqamu, kanti iSundowns izodikadikana neJeonbuk Motors ilwela indawo yesihlanu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.