ISuperSport isisayine isiqongqwane sesitobha

2017-08-25 11:01

Cape Town - ISuperSport United isikuqinisekisile ukuthi isisayine umdlali odlalela iqembu lesizwe eNigeria, u-Azubuike Egwuekwe, nobedlalela iqembu elidlala kwiFinnish Premier Division, eFinland, i-KuPS.

Lesi sikhondlakhondla sesitobha esidlala maphakathi nasemuva ngaphambilini kuke kwabikwa ukuthi sifunwa yikilabhu edlala kwi-English Premier League, iWest Ham United, kodwa izinto zimhambela kahle kwi-KuPS nalapho avalela khona enetheini amagoli amahlanu emidlalweni engu-32.

Manje u-Egwuekwe  usezogijima kuMatsatsantsa ngemuva kwesivumelwano sokuthengwa kwakhe ngemali engadalulwanga.

OLUNYE UDABA: UKomphela kulindeleke abenomhlangano nezikhulu zeChiefs

Kodwa-ke akakezukutholakala ukuze afakwe emdlalweni okwamanje njengoba esalinde imvume yokusebenza.

Ngemuva kokuthi ezakhe zibhaxabule iKaizer Chiefs ngo-2-1 emdlalweni weligi ngoLwesithathu, umqeqeshi waMatsatsantsa, u-Eric Tinkler ukuqinisekisile ukufika kwalo mdlali ongowokudabuka eNigeria.

“Usefikile, ufike izolo (ngoLwesibili) futhi uzosijoyina,” kusho uTinkler.

“Sizokukhipha lokho esitatimendeni.” 

 Khonamanjalo, le kilabhu yasePitoli izotholana phezulu neMaritzburg United emdlalweni womzuliswano owandulela owamanqamu kumqhudelwano we-MTN8  womlenze wokuqala ngoMgqibelo kusihlwa.

Lo mdlalo uzoqala ngo-20:15 kusihlwa. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.