Johannesburg - Kubikwa ukuthi iSuperSport United ingelinye lamaqembu agaqele u-Thandani
Ntshumayelo we-Orlando Pirates, umbiko.
Igama likaNtshumayelo lisohlwini lwabadlali okulindeleke badedelwe
yiPirates ngaphambi kokuqala kwesizini, okubalwa kubona uYesser Mugwera, Filepe
Ovono, Tshepo Gumede noRooi Mahamutsa.
Funda nalolu daba: UTeko usefuna eseMTN8
UBibo ufunwa
nayiBidvest Wits, kodwa mancane amathuba okuba kuvunyelwane njengoba iWits
kubikwa ukuthi ifuna imali enkulu ngoJabulani Shongwe obekulindeleke ukuba yena
ajoyine iPirates.
"IWits izimisele ngoBibo,” kusho umthombo utshela iKickO.com.
“Kodwa inkinga ukuthi bafuna imali enkulu ngoJabulani Shongwe ukuze ajoyine iPirates.
"ISuperSport manje nayo isikhombise ukumfuna.”
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).