ITheku licacisa ngokuxhasa amaMetro FM Awards

2018-03-04 12:29

Durban - Isikhulu somnyango wezokuvakasha kumasipala weTheku uPhilip Sithole, sithi umasipala weTheku uvule izandla kubahleli bomcimbi okuthiwa ugqozelwa ngabaxhasi, amaMetro FM Awards.

USithole usho lukhulu ngemuva kokusabalala kwamahlebezi okuthi enye nyezingqinamba ezidala ukuba lo mcimbi uhlehle ukuthi bonke anaxhasi bayaziqhelelanisa nawo.

USithole uthi laba abakaze beze kumasipala bezofaka isicelo sokusebenza kodwa naye uzwa ngabantu nje bekhuluma.

OLUNYE UDABA:I-SABC iyaziphika izinsolo ngemiphumela yamavoti ama-Metro FM Awards

"Inkontileka esasinayo nabo yaphela ngonyakaodlule ka-2017. Ngemuva kwalokho asikho esinye isicelo esike sasithola. Asinankinga namaMetro thina futhi sisazimisele ukusebenza nabo kodwa kumele bafake isicelo kuqala ngoba inkontileka yethu nabo yaphela ngonyaka odlule," kuqhuba uSithole.

Uthi akubona abangivimba lo mcimbi ukuba ungenzeki ngoba bona babekhokhela mindawo owawenzelwa kuyona kuphela okuyiNkosi Labert Luthuli International Conventional Centre (ICC), imali uthi ibifakwa uhulumeni waKwaZulu-Natal.

Amahlebvezi okuthi bahoxile ngenxa yenkohlakalo uwachithile wathi basazimisele ukusebenza neMetro FM.

 - Thola udaba oluphelele kwiphephandaba iLANGA LangeSonto.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.