Ithi izobabela enkantolo iKhomishana ka-CRL

2018-02-27 06:58

Cape Town – UKhomishana olwela amalungelo ezamaSiko, ezeNkolo kanye neziLimi ngoMsombuluko ithe izoqonda enkantolo ngemuva kwesigameko saseNgcobo.

Lokhu kuza ngemuva kokuba iPhalamende likhiphe isitatimende ligxeka izinkulumo zikaSihlalo waloKhomishana uThoko Mkhwanazi-Xaluva.

NgoMgqibelo uXaluva utshele iCity Press ukuthi iPhalamende kumele liphendule ngezigemegeme zokudubula eNgcobo.

NgoLwesihlanu ebusuku kwadutshulwa abasolwa abayisikhombisa kwaboshwa abayishumi esontweni iSeven Angels Ministry.

OLUNYE UDABA: Owebandla uthi umfowabo uyathinteka ekubulaweni kwamaphoyisa - Umbiko

Izelamani ezintathi zakwaMancoba ezingabaholi baleli bandla ziyingxenye yabadutshulwe babulawa.

"Siphila nalobu bunzima. Akumele silinde abaholi bamabandla ukuba benze izinto ezingabhadlile. Lokhu sikushiya ezandleni zePhalamende ukuba ibeke umthetho.

Lapha sikhuluma ngabantu abasabisa kakhulu,"kusho uMkhwanazi-Xaluva.

Uqhubeke wathi abekho ababalalelayo ngoba ngabe sagwenywa isimo esifana nalesi ukube imboni yamabandla yabekelwa igunya okumele isebenze ngalo.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.